UZuma utshele iSACP ukuthi uyamxosha uGordhan, kusho imithombo

2017-03-28 11:01

Johannesburg – UMengameli Jacob Zuma utshele amalungu aphezulu eSouth African Communist Party (SACP) ukuthi uhlela ukuxosha uNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan, ngokusho kwabantu abathathu abanolwazi ngalolu daba.

UZuma utshele lezi zikhulu ze-SACP, edlelana ne-African National Congress (ANC), emhlanganweni obungoMsombuluko eGoli, ngokusho kwabantu abebekhona kodwa abacele ukuthi bangadalulwa ngenxa yokuthi isitatimende esisemthethweni asikenziwa.

UZuma uyalele uGordhan ukuthi anqamule imihlangano abeyihlelile nabatshali bezimali e-UK kanye nase-US bese ebuyela ekhaya ngoMsombuluko, ngemuva kosuku ethathe indiza ebheke eLondon ngenhloso yokuqala imihlangano ewuchungechunge nabatshali bezimali.

OLUNYE UDABA: UZuma usolwa ngokuthunaza isithunzi sezwe ebuyisa uGordhan phesheya

Ekuhambeni kosuku ngoMsombuluko bekulindeleke ukuba kube nomhlangano wabaholi abangu-6 abaphezulu be-ANC ngemuva komhlangano we-SACP kanti akucaci ukuth yini ehlalukile kulo mhlangano. Okhulumela i-ANC, uZizi Kodwa, uthi abantu bathole ulwazi okungesilona.

“Angazi noma kuyiqiniso yini ukuthi uGordhan uzoxoshwa,” kusho oyiNhloko yemigomo yezomnotho ku-ANC, u-Enoch Godongwana.

“Uma lokho kungenzeka, kungaba yinhlekelele kwezomnotho.”

Ngokusho kwabantu abebekulo mhlangano waZuma neCommunist Party, uZuma uthe usethathe isinqumo sokuthi amxoshe uNgqongqoshe uGordhan ngoba ungumengameli onomsebenzi wokuhola uhulumeni futhi uGordhan uyamvimbezela.

Ukuxoshwa kukaGordhan kungase kubanjezelwe ukuthi izikhulu ze-ANC zizobe zimatasa nokulwisana nesishoshovu esasilwisana nohulumeni wobandlululo esidlule emhlabeni ngoLwesibili, u-Ahmed Kathrada. 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.