UZuma 'uzibe' izinkinga ze-ANC KwaZulu-Natal

2017-11-16 18:01

Durban - Sishuba kakhulu kunakuqala isimo mayelana nobuholi be-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal njengoba lobu obudliwe yivoti engqungqutheleni ebimhla ziyisi-5-8 kuLwezi (Novemba) wezi-2015, bunikela eNkantolo eNkulu yaseMgungunsdlovu mhla zingama-30 kwephezulu buyoyicela ukuba ihudule lobu obukhona, buphume ehhovisi laleli qembu.

Lokhu kuzokwenzeka nje, yingenxa yesinqumo sale nkantolo esithe ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal - obuholwa nguMnu Sihle Zikalala - buqokwe engqungqutheleni ebingekho emthethweni.

Ekhuluma neLANGA uMnu Senzo Mchunu obengusihlalo we-ANC KWaZulu Natal ngesikhathi kuyiwa engqungqutheleni yangowezi-2015 - uthe udaba lokuhlakazwa kobuholi obukhona bekungamele ukuthi luze luye enkantolo.

“Yinto nje le obekufanele yenzeke ngemuva kukuphuma kwesinqumo mayelana nengqungquthela. Kakufanele ngabe basahleli ehhovisi. Bahleli nje ngoba besekwa wubuholi bukazwelonke ukuba baqhubeke basebenze.

"UMengameli Jacob Zuma elapha emasontweni amane edlule, kusho yena mathupha ukuthi ubuholi obukhona mabungaphumi ehhovisi, mabuqhubeke nokusebenza besebudlulisa icala ngoba bazolinqoba kwazise bunento ephathekayo. Kuwumkhuba wakhe umengameli ukuthi athi icala linesigqi kodwa uma sekuyiwa enkantolo limgingqe.

"Kakusasethusi lokhu akushoyo. Into eyenza abone ukuthi icala linesigqi, yingoba ufuna (lobu buholi) buqhubeke bayokweseka uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma engqugqutheleni yangoZibandlela (Disemba). Into okumela ngabe bayayiqonda la wukuthi ingqungquthela yangoZibandlela kayisona isiqalo nesiphetho,” kusho uMnu Mchunu.

Uthi ingqungquthela yangowezi-2015 bekungafanele nokuthi ize ihlale kwasekuqaleni futhi noMengameli Zuma uyakwazi lokho.

"Ufike sinomhlangano ngayo le ngqungquthela, waziswa ukuthi ngeke kulunge ukuthi ihlale ngenxa yezinkinga ebezikhona obekufanele zilungiswe ngaphambi kokuba ihlale naye wavumelana nathi. Ubuyele emuva wazisa isigungu esiphezulu ngalokhu sambuyisa esezothi mayihlale ingqungquthela.

OLUNYE UDABA: USenzo Mchunu ubalule 'izindlela zokuvota eziwumkhoshosho' emagatsheni e-ANC

"Siphindile samtshela ukuthi ngeke kulunge ukuthi ihlale, samnika nezizathu, wathi ngeke asabuyela emuva ayothi mayingahlali, makusale sekuqhutshekwa ihlale. Isinqumo sokuhlala kwengquthela sithathwe ngamalunga amancane, angafikile nakwayisi-7 esigungu esiphezulu. Bavumelane ngokuthi iqhubeke ngoba bona bekuleli qeqebana elinomengameli, lanyathelwa ngezinyawo izwi lezinkumbi zabantu abezithi mayingahlali," kusho uMchunu.

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnu Mdumiseni Ntuli, ukuphikile ukuthi bahleli ngesinqe esisodwa - ngenxa yomhla zingama-30 kwephezulu - into ezokwenzeka enkantolo wukuthi bazobe beyolalela ukuthi laba abathi makuhlakazwe ubuholi lokhu bakusho ngasiphi isizathu.

"Ngeke sivume eyokuthi sihlakazwe ngoba kukhona abantu abangahambisani nokuba khona kwethu ehhovisi. Thina into esizobe siyiyela enkantolo - ngaphandle kwale yokuyolalela eyokuthi masihlakazwe - siyobe siyodlulisa icala. Yiyona-ke into emqoka kithina leyo njengamanje," kusho uMnu Ntuli.

UMnu Mchunu oke wathula nya abanye osopolitiki begiya ngendaba yokungabi semthethweni kobuholi be-ANC KwaZulu-Natal, ungomunye wabaholi baleli qembu abatuswa ngokungazwani nhlobo nenkohlakalo - okuke kwavela izindaba zokuthi uze udliwa yizembe nje yingoba ubevala ompompi balabo abebezitapela emalini yabakhokhi bentela. 

Njengoba zigijimisana enkantolo KwaZulu-Natal, kuxabene ubendle nase-Eastern Cape ngenxa yemiphumela yengqungquthela ebingoMandulo (Septhemba) eqoke uMnu Oscar Mabuyane njengosihlalo we-ANC egingqa phansi uMnu Phumulo Massualle.

Isigungu esiphezulu se-ANC sithumela ithimba elizoyozama ukuxazulula kulesiya sifundazwe. UMnu Gwede Mantashe onguNobhala Jikelele we-ANC uthe isigungu sithuma uDkt Sbu Ndebele - ozohola leli thimba - uNkk Rejoice Mbaudafhasi, uNkk Joyce Moloi noMnu Sdumo Dlamini - hhayi uMnu Fikile Mbalula noMnu David Mahlobo njengoba kuke kwezwakala.

Izinkinga zase-Eastern Cape ngenye yezinto ezenze uMnu Tokyo Sexwale wathi ingqungquthela yangoZibandela ingase ibe nezinkinga, washo amazwi acishe afane naweNkosi Albert Luthuli eyawasho engqungqutheleni yeSouth African Congress of Democrats ngowe-1958 eGoli athi: “Isizukulwane esizayo siyophimisela emathuneni ethu…” Yena uthe isizukulwane esizayo siyoyahlulela kabi i-ANC.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.