UZuma uzobhekana nemibuzo ngokuzuza komndeni, iSABC noManana

2017-08-31 11:02

Cape Town – UMengameli Jacob Zuma kulindeleke ukuthi abhekane neminye imibuzo ePhalamende ngoLwesine uma ngabe esevela kulona ukuzophendula imibuzo nokuyinto ayenza kanye ngekota.

UZuma wenza konke okusemandleni ukugwema imibuzo enzima ngesikhathi egcina ukuvela ngomhlaka-22 Juni, ngosuku olufanayo lapho iNkantolo yoMthethosisekelo yanquma khona ngemithetho kanye nokusetshenziswa kwevoti eliyimfihlo.

Kulokhu, uZuma, kulindeleke abhekane neminye imibuzo eyisithupha, nebandakanya imibuzo elula evela kumaLungu ePhalamende e-African National Congress, kanye nemithathu evela kumaqembu aphikisayo.

OLUNYE UDABA: UDlamini-Zuma ‘unengwa’ abathi ufuna ukuvikela uZuma ekushushisweni

Umholi weDemocratic Alliance, uMmusi Maimane, kulindeleke ukuthi abuze imibuzo emibili ngoLwesine. Owokuqala umayelana nokuzuza komndeni.

UMaimane ubuza ukuthi uZuma, noyinhloko yeKhabhinethi, wake wawukhipha yini umyalelo noma waba nomthelela kunoma ngabe yimuphi umnyango kahulumeni noma inkampani ukuthi inikeze imisebenzi kumalungu omndeni asondelene naye nakude, noma amabhizinisi ahlangene nezihlobo.

Umbuzo kaMaimane wesibili ubuza ukuthi kungani uZuma ebambezeleke isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezintathu ukusayina ukugunyaza ukuthi iSpecial Investigating Unit (SIU) iphenye iSABC.

INhloko ye-SIU, uLekhoa Mothibi, yasho ngoMeyi ukuthi isikulungele ukuqala uphenyo kulo msakazeli womphakathi ogubuzelwe yizinkinga, kodwa uZuma uze wasayina ukugunyaza lolu phenyo ngomhlaka-25 ku-Agasti, sekudlule izinyanga ezintathu.

Ukuhlala kwePhalamende kuzoqala ngo-14:00.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.