UZuma uzogcina ejele - Maimane

2018-02-07 14:01

Johannesburg – Umholi weDemocratic Alliance (DA) uMmusi Maimane uthi ngeke aze aphumule kuze kube uMengameli Jacob Zuma uyashushiswa enkantolo, aphethe ngokuyotholoza ejele.

UMaimane ubethula lokho akubiza "ngenkulumo yangempela ebhekiswe esizweni" e-Alexandra ngoLwesibili, kubika i-Eyewitness News.

Uphonsele inselelo uMengameli omusha we-African National Congress uCyril Ramaphosa ukuba atshengise ukuthi uyindoda elandela imigomo ngokuthi aqinisekise ukuthi uZuma uyaphuma esikhundleni.

UMaimane uthi ukunikezwa kukaZuma ushwele ngamacala enkohlakalo nokukhwabanisa kuyobe kungukwedelela uMthethosisekelo.

OLUNYE UDABA: I-NFP ithi iyabeseka abathi uZuma akahambe

“Ukugwema kanjani ukungabukisi ngoJacob Zuma? Ukunqanda kanjani ukuthela ngehlazo umuntu osebukise kanje ngezwe?

“Ubhekene namacala amaningi enkohlakalo, ukukhwabanisa. Engingakusho wukuthi ngeke siwahoxise amacala angoZuma. Uzophelela ejele laseGoli."

UMaimane uphawula kanjena nje, kunokudideka ezweni ngekusasa likaZuma kulandela ukuhlehliswa kokwethulwa kwenkulumo ebhekiswe esizweni.

I-African National Congress (ANC) ngoLwesibili inxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuba bangatatazeli njengoba kunokudideka okukhona ngekusasa likaMengameli Zuma kwezepolitiki.

Lokhu kulandela ukuthi inhlangano isihlehlise umhlangano wayo weNational Executive Committee (NEC) obekulindeleke ubanjwe ngoLwesithathu (namhlanje) eKapa lapho bekulindeleke khona ukuthi kuthathwe isinqumo sokuketula uMengameli Zuma.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.