UZuma uzohlangana ubuso nobuso nabahlale bemgxeka kwi-SACP

2017-08-28 15:59

Johannesburg – UMengameli  uJacob Zuma uzobhekana ubuso nobuso nabantu abaziwa kakhulu ngokumgxeka kumfelandawonye ongunxantathu (tripartite alliance) ngesikhathi i-African National Congress (ANC) kanye neSouth African Communist Party (SAPC) behlangana emhlanganweni walezi zinhlangano zombili ngoMsombuluko.

Lo mhlangano uza njengoba buya ngokuya buba muncu ubudlelwano phakathi kwala madlelandawonye.

Kuzobe kungokokuqala i-ANC ihlangana neSACP kusukela uMengameli Zuma ashintsha isigubhukane iKhabhinethi yakhe ngoMashi nalapho kwaxoshwa khona ongqongqoshe abaningi, okubalwa kubo uPravin Gordhan kanye noDerek Hanekom.

OLUNYE UDABA: ICope ifuna kuxoshwe ungqongqoshe othe uMandela 'wadayisa' ngabantu abamnyama

Lokhu kwaholela ekutheni iSACP inxuse ukuba uZuma ehle esikhundleni, yaphinde yamvala emicimbini yayo.

Engqungqutheleni yayo yangoJulayi, iSACP yatshela i-ANC ukuthi ifuna uSekela Mengameli uCyril Ramaphosa, hhayi uZuma, ukuthi athule inkulumo kule ngqungquthela.

I-SAPC yagxeka uZuma ngokuhlela kabusha iKhabhinethi lakhe ngaphandle kokubonisana namadlelandawonye kanjalo nokuncikisa ukuxoshwa kukaGordhan njengoNgqongqoshe wezeziMali embikweni “ongumbombayi” wezobunhloli nowawusola ukuthi uGordhan kanye neSekela lakhe, uMcebisi Jonas, babakhela uZuma itulo behlangene nezinhlaka zasemazweni angaphandle.

Umthombo ongaphakathi kwi-ANC utshele iNews24 ukuthi lo mhlangano kulindeleke ukuthi ushube, kulandela ukuhlasela izikhawu eziningi kwe-SACP i-ANC, kanye noZuma ikakhulukazi.

Ngokuqonda kweNews24, yizikhulu eziphezulu kuphela zikazwelonke ezizohambela lo mhlangano.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.