UZuma uzojoyina abaholi be-ANC emkhankasweni wokubhalisela ukuvota

2018-03-09 19:28

Johannesburg - Njengoba i-Independent Electoral Commission (IEC) ingena esontweni lokuqala lomkhankaso wokubhalisela ukuvota kule mpelasonto, i-ANC ithi abaholi bayo, okubalwa nobengumengameli uJacob Zuma, bazobe betshalwe ezingxenyeni ezehlukene zezwe.

Inhlangano ebusayo isizwakalise ukuthi iwulungele lo mkhankaso.

I-ANC ithi ingxenye yomkhankaso wayo ubandakanya ukuhambela imiphakathi eyehlukene.

Le nhlangano inxuse abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi intsha, ukuba baphume ngobuningi babo bayobhalisela ukuvota. 

OLUNYE UDABA: UZuma 'uzibe' izinkinga ze-ANC KwaZulu-Natal

Lowo oyinhloko yezokhetho, uFikile Mbalula, uthe: “Umkhankaso we-ANC uholwa nguMengameli we-ANC, uCyril Ramaphosa. Ngakho-ke, ayikho imibuzo ekumele ibe khona ngalabo abazojoyina lo mkhankaso nabavolontiyela ukusebenzela i-African National Congress.

"UMengameli Zuma, yize esethathe umhlalaphansi, kepha uzinikele ekutheni uzoba yingxenye yalo mkhankaso."

Ngaphambilini ngoLwesihlanu, kuvele ukuthi uMbalula wesulile njengelungu le-ANC ePhalamende.

UMbalula ungowesibili kwababengongqongqoshe, elandela uLynne Brown, ukwesula njengelungu le-ANC ePhalamende ngemuva kwezinguquko ezenziwa nguRamaphosa kwiKhabhinethi.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.