UZuma wahleka i-ANC ilahlekelwa omasipala abakhulu okhethweni - Makhosi Khoza

2017-11-30 10:59

Durban – Ngesikhathi i-ANC ilahlekelwa ngomasipala abakhulu ngokhetho lwezindawo luka-Agasti 2016, uMengameli Jacob Zuma "akazange abone lutho olungalungile", kusho uDkt Makhosi Khoza ngoLwesithathu ebusuku.

"Esikhundleni salokho, wavele wafa yinsini wabuza amalungu e-ANC ayekhathazekile ukuthi kungani edangele," kusho uKhoza. UKhoza ubekhuluma eThekwini okokuqala ngqa kusukela asula kuKhongolose.

UKhoza uthi abanye abaholi be-ANC, okubalwa naye, babejabhile ngesikhathi i-ANC ikhala ngaphansi komasipala abakhulu; okuyiTshwane, iGoli, iNelson Mandela Bay neKurhuleni.

Uthi ukholelwa ekutheni i-ANC ngabe ayizange ikwazi ukubuyisela ngakuyona uMasipala waseKurhuleni ukube ayizange ingene kuhulumeni wobumbano ne-African Independent Congress, yingakho ethi kufana nokuthi i-ANC yalahlekelwa yilo masipala.

OLUNYE UDABA: I-ANC ngeke isakwazi ukungibeka amacala - Makhosi Khoza

"Ulahlekelwa omasipala abakhulu abane kwabayisishiyagalombili kepha ucabanga ukuthi konke kuhamba kahle?" kubuza yena.

UKhoza uthe uZuma wabuza amalungu e-ANC ayekhathazekile ngesikhathi kuqhubeka ukhetho ukuthi kungani ezizwa ngaleyo ndlela.

Uthi kwamxaka lokho ukuthi umholi onjani lo obuza umbuzo onjalo ekubeni ebona izinto ukuthi zibheke phezulu.

"Wabe eselandelisa lo mbuzo ngohleko lwakhe lolu adume ngalo, asizange sikholwe sonke," esho.

UKhoza umile kwelokuthi i-ANC ngeke isaphinde ibuyele esimweni sayo sakudala.

Thola udaba oluphelele lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.