UZuma waziphathisa okwesigelekeqe, kusho uVavi

2016-12-20 10:01

Johhanesburg – Ukuvela kwezindaba zokuthi uMengameli Jacob Zuma wahlela itulo nezinhlaka zezobunhloli ukuze kusungulwe inyunyana ezoncintisana ne-Association of Mineworkers and Construction Union (Amcu) embonini ye-platinum kumele kuthathwe njengesigameko sokugcina esimbi, kusho owayenguNobhala Jikelele weCosatu, uZwelinzima Vavi.

“Uma lokhu kuyiqiniso, sinomengameli ongaphumanga nje kuphela emugqeni, kodwa obelokhu ematasa ezama ukwakha (izinto ezimbi),” kusho uVavi esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: OLUKHETHEKILE: UZuma watshela inyunyana ukuba impimpe i-Amcu

UVavi ubephawula mayelana nesimangalo sasenkantolo esibhekene nomengameli Zuma, abanye ongqongqoshe kanye nemiNyango kahulumeni eNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng, ePitoli.

Abaholi bale nyunyana eyasungulelwa ukuqoqa ulwazi ezinyunyaneni eziyizimbangi, ezifana ne-Amcu, bathi bayalelwa wuZuma ukuba bayisungule.

Kulesi simangalo, uThebe Maswabi, ungumunye wabasunguli beWorkers Association Union (WAU),nokuyinyunyana entsha eyasungulwa ngonyaka ka-2014, ufuna ukuhlawulisa uZuma, abanye ongqongqoshe kanye nemiNyango kahulumeni isamba semali engu-R114 million.

UMaswabi ukhala ngokuthi imali ayeyinikwa uZuma kanye nabanye babamangalelwa yavele yanqamuka, nokwashiya uMaswabi ecwile ezikweletini. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.