UZuma 'wesabise ngokukhuluma uma abe-ANC beqhubeka nokumcasula'

2017-05-29 09:31

Johannesburg – UMengameli Jacob Zuma obediniwe usabise labo abamgxekayo kwi-ANC ngokuthi bangalinge bamcasule kakhulu.

UZuma wethule inkulumo yakhe emhlanganweni wekomidi eliphezulu (NEC) ePitoli ngemuva kokuba esinde esiphakamisweni sokuba agudluzwe.

Ikomidi eliphezulu lidingide udaba lukaZuma ngempelasonto kanti umhlangano uze waphela ngeSonto ebusuku.

"Ubedinwe egane unwabu. Bekungokokuqala ngimbona edinwe kangaka,” kusho umthombo ongaphakathi kwi-NEC.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe owesifazane etholakala nempahla eyebiwe

Umthombo uphinde wathi uZuma wesabise abaholi be-ANC esevala umhlangano ngokuthi abahlukane nokumgxeka esidlangalaleni ngoba ngeke esaqhubeka nokuvala owakhe umlomo.

"Kade ngilokhu ngithule ngoba ngingafuni ukulimaza i-ANC, ngakho qhubekani nokungihlasela kwabezindaba, nizobona,” kusho umthombo ucaphuna uZuma.

Kuthiwa uMengameli uphinde wexwayisa i-NEC ngokuthi kumele kube ngokokugcina ebhekana nesiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bakhe.

UZuma kubikwa ukuthi uphinde wathi akaqondi ukuthi kungani kunomsindo omngaka ngoba ngeke alungenele ukhetho ngoDisemba.  

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.