Uzumeke walala umshayeli wetekisi ethole ingozi - Umbiko

2017-01-03 14:32

Johannesburg - Balinganiselwa ku-16 abantu abalimele okubalwa kubona nomshayeli wetekisi ngesikhathi itekisi abebehamba ngalo lishayisana neloli.

Lokhu kwenzeke ku-N1 phakathi kwemigwaqo iRivonia naku-William Nicol, ePaulshof ngoLwesibili.

Abagibeli bathi umshayeli uvele wazumeka esashayela washayisa iloli, kubika iCitizen.

OLUNYE UDABA:Uboshiwe umshayeli wetekisi odubule wabulala uzakwabo

“Umshayeli ubevaleleke phakathi etekisini, kudingeke ukuba kusetshenziswe udlawu namanye amathuluzi ukuze akhishwe.

“Kusenjalo abosizo lokuqala bebematasa behlenga abanye abagibeli abalimele,” kusho abe-EMER-G-MED. 

Amaphoyisa omgwazo athe abebegibele elolini abazange balimale kanti uphenyo luyaqhubeka ngalokhu okwenzekile.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.