UZweli Mkhize uthi ukulungele ukuhola uKhongose

2017-09-07 12:31

Durban - UMgcinimafa we-African National Congress (ANC) uZweli Mkhize usejoyine amanye amalungu amahlanu amemezele ukuthi anesifiso sokuhola le nhlangano.

Lokhu kwenzeka nje uKhongolose ubheke enkomfeni yokukhetha ubuholi obusha bale nhlangano ngoDisemba.

UMkhize uzoqhudelana nePhini likaMengameli uCyril Ramaphosa, uSihlalo uBaleka Mbete, amalungu e-NEC uNkosazana Dlamini-Zuma, uLindiwe Sisulu noJeff Radebe.

OLUNYE UDABA:UZweli Mkhize uthi unenkinga ngendlela enze ngayo uZuma

Ngokubika kwe-EWN, uMkhize uthe usekulungele ukuphakanyiswa kwegama lakhe njengoba esezivezile izinhloso zakhe zokufuna ukuhola le nhlangano.

UMkhize usho lokhu ngemuva kokuputshuka kwama-email ngezinsolo zokuthi iSekela likaMengameli uCyril Ramaphosa unobudlelwane nabesifazane abayisihisyagolombili abahlukene.

URamaphosa ukhulume ePhalamende ngoLwesithathu wathi uzophendula ngalezi zinsolo ngokuhamba kwesikhathi.

Uthe njengesikhulu sikahulumeni, ubona kubalulekile ukuthi acacise ngalolu daba.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.