Vele sengiwumengameli, kusho uNkosikazi kaMugabe – umbiko

2016-11-22 10:00

Harare – Kubikwa ukuthi unkosikazi kaMengameli waseZimbabwe, uGrace Mugabe, utshele amalungu ophiko lwabesifazane kwi-Zanu PF ukuthi yena usevele unguMengameli njengoba kunguyena “ohlelayo futhi owenza yonke into" noMengameli uRobert Mugabe.

Ngokombiko weNewsDay, uSihlalo we-Zanu PF Women’s League eMashonaland West, u-Angeline Muchemeyi, uthi uGrace wabatshela ukuthi asikho isidingo sokuthi alokhu ezihlupha ngokulwela ukuba yiSekela likaMengameli, okuyikhundla esingaphansi, ekubeni kunguye vele ophethe ukusebenza koMbuso.

OLUNYE UDABA: ‘Umengameli Mugabe umdibi munye nezephulamthetho’

Njengamanje uGrace unguNobhala we-Zanu PF Women’s League, nokuyisikhundla aqala ukusiphatha kusukukela ngonyaka ka-2014.

“Unkosikazi kaMengameli uthe ‘ngingunkosikazi kaMengameli, sengiwuMengameli vele… ngihlela futhi ngenze yonke into noMengameli, yini enye engisayifuna, okwamanje isikhundla sokuphatha abesifazane sanele’,” uMuchemeyi ucashunwe esho kanjalo.

Kubikwa ukuthi kunohlangothi oluthile ngaphakathi kwi-Zanu PF olulwela ukuthi uGrace athathe izintambo zokuba uMengameli kumyeni wakhe uma ngabe esebeka phansi izintambo.

Ngaphezu kwalokho kubikwa ukuthi leli qembu lihlukene phakathi njengoba kunabaholi asebecuthele ukuthi kube yibona abazongena esikhundleni uma sekuphuma uMugabe. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.