VIDEO: Abawuvali umlomo ngegoli likanozinti weBaroka FC

2016-12-01 10:04

Cape Town – Kubukeka sengathi unozinti weBaroka FC, u-Oscarine Masuluke, usevele wayiqeda nya inkulumo mpikiswano ngokuthi yiliphi igoli elizodla umhlanganiso njengegoli lonyaka ngaphansi komqhudelwano we-Absa Premiershhip.

Lokhu kulandela igoli elishaywe yilo nozinti nelishiye abantu abaningi bengawuvali umlomo ngesikathi iBaroka itholene phezulu ne-Orlando Pirates ngoLwesithathu kusihlwa.

OLUNYE UDABA: Yonke imiphumela yemidlalo yePSL ngoLwesibili noLwesithathu

IBaroka ibilandela emuva ngegoli elilodwa eqandeni ngesikhathi ithola i-corner kick ngemizuzu yokugcina esikhathini ebesingezwe ngunompempe.

Unozinti wePirates ufake ibhola isibhakela elibuyisela ebhokisini nalapho libe selizithela kuMasuluke, ovele washaya uqethu, ebheke ngasohlangothini lwakhe maqede ladla inethi.

Leli goli aligcinanga nje ngokuba ngundabuzekwayo eNingizimu Afrika kuphela njengoba neTelegraph yase-United Kingdom, iphinde ifake leli goli enkundleni yezokuxhumana, uTwitter, nalapho kuphinde kwaba nama-retweet angu-8 000.

IMIFANEKISO:

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.