Johannesburg – IDemocratic
Alliance ithi izoqhubeka nokutshengisa isikhangisi esinezwi likaNelson Mandela
ngoba ikholelwa ukuthi lo mholi ongasekho wayenombono ofanayo noweqembu layo.
Yize lesi sikhangisi
sisuse umsindo sathola ukugxekwa nawumndeni wakwaMandela, sikhonjisiwe kumabonakude
ngoMsombuluko ebusuku, kubika i-Eyewitness News.
Kulesi sikhangisi
kuzwakala uMandela ethi makube khona ukuthula nobulungiswa.
Umndeni kaMandela
ukholelwa ekutheni ukumatanisa uMandela ne-DA kuyinhlamba emlandweni wakhe,
iqembu ayelikhethile kanjalo nezinto ayekholelwa kuzo.
Buka nasi isikhangisi
ngezansi: