VIDEO: Kushiswe okungenani imoto eyodwa kuqhubeka isiteleka samatekisi e-PMB

2018-01-25 19:31

Pietermaritzburg – Kokhelwe ngomlilo okungenani imoto eyodwa kwathi ezinye zajikijelwa ngamatshe ngesikhathi kuqhubeka isiteleka sabashayeli bamatekisi enkabeni yedolobha eMgungundlovu ngoLwesine.

Izithombe zemigwaqo evalwe ngamathayi avuthayo, imigqomo kadoti kanye nemoto eshayo bezizungeza ezinkundleni zokuxhumana.

Okhulumela iSouth African National Taxi Council (Santaco) eMgungundlovu, uBheki Sokhela, utshele iNews24 ukuthi lesi siteleka sihlelwe abashayeli bamatekisi abangeneme ngamathikithi "adulayo" abawanikezwa ngamaphoyisa kamasipala uMsunduzi uma bethulula abagibeli edolobheni.

"Sithe uma sivuka namhlanje (ngoLwesine), abashayeli bese bevele bengenele isiteleka. Bakhala ngokuthi amaphoyisa omgwaqo 'alwa' nabo uma ebanikeza amathikithi ekubeni amacala abasuke bewenzile emancane, okubalwa kuwo ukuthulula endaweni engafanele," esho.

Uthe abanye abashayeli babatshengisile amathikithi, amanye ngawemali elinganiselwa cishe ku-R7 000 ithikithi ngalinye.

Enkabeni yedolobha, kazikho izitobhi zokuthulula abagibeli bamatekisi, esho.

"Babuza ukuthi kufanele babehlisephi futhi kanjani abagibeli uma zingekho izitobhi. Abashayeli abamelene nemithetho yomgwaqo, kepha bacela ukuthi banikezwe amathikithi alingana namaphutha abawenzayo ukuze bezokwazi ukuwakhokhela," esho.

Abashayeli bacela nokuthi amaphoyisa angazenzi izivimbamgwaqo phakathi kuka-05:00 no-08:00 ekuseni.

USokhela uthe iSantaco ihlanganile nezikhulu zikamasipala yazinikeza uhlu lwezikhalazo zabashayeli.

"Bathembise ngokubuyela kithina ezinsukwini eziyisikhombisa," esho.

Uthe akazi lutho ngezimoto ezishaywe ngamatshe nezithungelwe ngomlilo.

Thola udaba oluphelele lapha.

I-VIDEO:

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.