VIDEO: Kusuke isidumo kunqatshelwa ibheyili isitshudeni sase-DUT

2016-12-22 14:31

Pietermaritzburg - Kusuke isidumo amaphoyisa ebambana ngezandla nezitshudeni ezingamalungu e-EFF ngaphandle kwaseNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba isishoshovu se-#FeesMustFall, uBonginkosi Khanyile, sesichithe izinsuku ezingu-68 ejele, sinqatshelwe ibheyili.

OLUNYE UDABA: Sibuyela ejele isishoshosvu seFeesMustFall sase-DUT

UKhanyile uzobuyela ejele kuze kube wunyaka ozayo sekuyoqulwa icala lakhe.

Lesi sishoshovu saboshwa ngoSepthemba.

Ababhikishi bavale uChurch Street oqondene ngqo nenkantolo.

Isitini esijikijelwe emaphoyiseni yiso esidale ukuthi amaphoyisa aziphindiselele ngama-stun grenades.

Ngesikhathi amatshe elokhu endiza emoyeni amaphoyisa abe esesebenzisa izinhlamvu zenjoloba.

Kuboshwe ababhikishi ababili.

UKhanyile uzophinde avele enkantolo ngomhlaka-19 Januwari 2017. 


IVIDEO:


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.