Video: owesifazane echaza ngamahewu amadoda enza izimanga ekamelweni

2016-07-01 17:31

Johannesburg - Owesifazane oneminyajka engu-49 ubudala waseDiepkloof eSoweto eGoli uchaze ngesigubhu sika20Litha wamahewu onesixwayiso ngaphandle.

Lesi sixwayiso sifundeka kanje: "Amahewu amadoda kuphela".

U-Irene  Netsitandani uchazele abephephandaba iDailySun ngesixwayiso esibhalwe esigijini.

Lo mama uchaze wathi la mahewu angeke aze awasize abantu besifazane ngaphandle uma ezophuzwa ngamadoda abo.

"La mahewu ahlukile kunalawo owaziyo," usho njalo.

"Uma induku yakho ivilapha ngalesi sikhathi oyidinga ngayo, la mahewu ngawakho.

UNetsitandani utshele iDaily Sun ukuthi amahewu akhe azixazulula zonke izinkinga zamadoda angase abe nazo ngobuntu.

"Sngake ngafikelwa amadoda ekhala ethi awakwazi ukwenelisa ophathina babo, ethi ayikho injabulo endlini.

"Amadoda angitshela ukuthi iyabhidlika imndeni yawo ngenxa yokungadansi kahle ekamelweni."

UNetsitandani uthe uma amadoda aseke azama ukuphuza amahewu akhe abiza inani elincane elingu-R15 inkomishi zonke izinkinga ziyanyamalala.

Lo mama uthi wafundiswa ngumama wakhe eTsiumoni, eVenda ukupheka amahewu.

"Ubaba wayehlezi ephuza la mahewu ayeznelwa ngumama, kanti yimi omncane ekhaya ezingane ezingu-15," esho ezishaya isifuba.

UNetsitandani uphinde wathi amahewu wawenzela umyeni wakhe kanti namuhla banezingane ezinhlanu futhi bajabulile.

Buka uNetsitandani echaza ngamahewu kule video:

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.