VIDEO: Uzibulele onqatshelwe wumndeni wakhe ukuba abelethe ngomthungo

2017-09-07 16:01

London - Kusabalale ivideo enkundleni yezokuxhumana etshengisa owesifazane oneminyaka engu-26 ubudala waseChina encenga umndeni wakhe ukuba umvumele abelethe ngomthungo ngoba engasakwazi ukumelana nezinhlungu zokusikwa.

Ngemuva kwemizuzwana ube esezibulala.

UMa uzibulale ngokugxuma esuka esitezi sika-20 esibhedlela ngomhlaka-4 Septhemba, kubika iDaily Mail.

Le video yasesibhedlela itshengisa lo wesifazabe eguqe phansi phambi komndeni wakhe, ewuncenga ukuba uvume ukuthi abelethe ngomthungo. Imibiko yangaphambilini ithi umndeni unqabile kwathi ngemuva kwalokho, uMa wazibulala.

OLUNYE UDABA:Useyinto yombhede owabeletha ngomthungo

Umbiko wabezindaba eChina uthe uMa ungeniswe esibhedlela iYilin Nmber 1 ngomhlaka-30 Agasti.

Kubikwa ukuthi odokotela batshela uMa ukuthi ikhanda le ngane likhulu kakhulu kanti lokho kungase kumdalele izinkinga.

Kuthiwa watshelwa ukuthi kufanele abelethe ngomthungo.

Ngaphansi komthethi waseChina, amalungu omndeni yiwo okufanele agunyaze lokhu ngaphambi kokuba odokotela bakwazi ukuqhuba umsebenzi wabo wokubelethisa umama ngomthungo.

Isibhedlela sakhipha isitatimende mayelana nalolu daba enkundleni yezokuxhumana iWeibo. Kuthiwa umndeni wanqaba ukuthi uMa abelethe ngomthungo.

"Wayephuma engena egunjini ngenxa yokucasuka wacela ukubeletha ngomthungo kodwa umndeni wakhe wenqaba. Izinhlungu zokusikwa zavele zaqinisa okuyikho okwaholela ekutheni uMa azibulale."

 - IVIDEO:

- Daily Mail

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.