Wabona i-video ezinkundleni zokuxhumana owavalelwa ebhokisini lomgcwabo

2016-11-17 09:58

Middelburg  - Ngenkathi uVictor Mlotshwa ebona i-video ezinkundleni zokuxhumana ekhombisa isigameko lapho ashaywa khona maqede waphoqwa ukuba angene ebhokisini lomgcwabo, wavula icala emaphoyiseni, uzakwabo osebenza epulazini utshele iNews24 ngoLwesithathu.

Lo msebenzi owayesebenza eJM de Beer Boerdery, eduze nesiphehli sikagesi, iKomati, eMpumalanga, uthi lesi sigameko senzeka mhla zingu-27 ku-Agasti, ngenkathi umnikazi wefamu eseNamibia.

Kule video edlala imizuzwana engu-27,  eyafakwa kuYouTube mhlaka-7 kuNovemba, kuzwakala indoda eyodwa ikhuluma ngesiBhunu nephoqa uMlotshwa ukuthi angene ebhokisini yaphinde yasabisa ngokumbhunyela ngo-petrol.

OLUNYE UDABA: Owayesebenza epulazini usezoba uMeya

Lo msebenzi ocele ukuba angadalulwa, uthi wabona le-video emva kokuthi ifakwe online.

Uthi kodwa umnikazi waleli pulazi ungumuntu olungile.

“Ongaphansi kwakhe wathatha izintambo ngenkathi umphathi engekho. Wathatha uVictor wabe esemsola ngokuntshontsha ikhebula,” kusho lo msebenzi.

Ngakolunye uhlangothi uMlotshwa yena uthi wayesabela impilo yakhe ngenkathi kwenzeka lesi sigameko.

“Bangishaya, bangibopha base bengifaka ebhokisini lomgcwabo,” kusho uMlotshwa ngaphandle kweMiddelburg Magistrate's Court, ngoLwesithathu, nalapho bekuvele khona laba basolwa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.