Walahlekelwa yithikithi leLotto, umngani wathenga i-BMW

2016-07-22 20:31

Johannesburg – Ukhala uyazithulisa owesilisa waseDuduza, eKurhuleni, owalahlekelwa yithikithi leLotto, kwathi ngemuva kwamasonto ambalwa wabona umngani wakhe esethenge imoto.

UFumane Baloyi uthi samumangaza isenzo sikamngani wakhe sokuthenga unyanyavu lwemoto, ukulungisa umuzi wakhe nokwenza izindumezulu zamaphathi.

UBaloyi, 38, uthi wacela umngani wakhe ukuba amdlalele iPowerball ngoba emethemba, kubika iDaily Sun.

Ngosuku olulandelayo, uBaloyi watshela abangani bakhe ukuthi uwine u-R1 million.

OLUNYE UDABA: Ufe kwenyantisa igazi owawina i-lotto eNgwelezane

“Bangiphuzisa utshwala ubusuku bonke, ngathi sengivuka ekuseni ithikithi lami selebiwe,” esho.

“Kuthe ngokuhamba kwezinsuku umngani wami wathenga i-BMW entsha ceke, waqala walungisa umuzi wakhe wenza namaphathi,” esho.

UBaloyi uthi waqala lapho ukusola, wase ebuza isihlobo sikamngani wakhe ukuthi uyithathaphi imali, isihlobo sathi: “Wawina iLotto.”

Ebuzwa umngani uthe akadingi ukuchazela muntu ukuthi wayithathaphi le mali.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.