Wathola ngemuva kweminyaka engu-30 ukuthi ukhulisa ingane okungeyona

2018-05-06 15:34

Owesifazane wakhulisa ingane yentombazane okungeyona eyakhe iminyaka engu-30 ngemuva kokuphambana kwezingane esibhedlela, kwathi ingane yakhe yangempela yagcina isihlala ekhaya lezintandane.

UZoya Tuganova, 70, waseRussia,wabelethela indodakazi yakhe esibhedlela esiseChelyabinsk, okuyidolobha elisentshonalanga yeRussia, ngo-1987.

Ngesikhathi amanesi emnikeza ingane angayazi, uZoya wawatshela ngaleso sikhathi ukuthi kunephutha elenzekile.

Nokho, ukukhathazeka kwakhe kwaphetshezwa ngodokotela. Uthi babecabanga ukuthi unokuphazamiseka emqondweni, esikhundleni sokuthi baphenye ngalolu daba baphakamisa ukuthi kumele ayohlolwa ingqondo.

OLUNYE UDABA: Uthi uphoxekile owakhulisa ingane okungeyona eyakhe

"[Ingane yami yazalwa] inezinwele ezikhanyayo, impofu futhi inamehlo amakhulu. Ngelanga elilandelayo sebengilethela yona ukuba ngiyincelise, ngayibona ukuthi kakusiyo eyami,” kukhumbula uZoya.

UZoya nomyeni wakhe bagcina bekhulisa le “ndodakazi” yabo, uKatya, onesifo senhliziyo.

Ngaleso sikhathi indodakazi kaZoya yangempela yayikhuliswa ngumama owayecwile kakhulu ezinkambeni zikaFaro, ingane wayetha ngokuthi nguLucia.

Kuthiwa le ngane yakhula kanzima icela imali ebantwini ukuze ilale idlile njengoba abazali bayo babengasebenzi.

Kwathi uma uLucia eseneminyaka engu-13 ubudala, wayiswa ekhaya lezintandane ngemuva kokuthi umama wakhe abulawa wuphuzo oludakayo, ubaba wakhe waboshwa.

Udaba oluphelele lapha.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.