Waxoshwa kuZalo ngoba isibhuda singamthandi - Umbiko

2016-07-25 14:43

Durban - Sekuvele imibiko ethi uMfana Jones Hlophe, obedlala indawo kaZakhele kuZalo waxoshwa ngoba nakhu abesifazane bengamthandi futhi ukufika kwakhe kwehlisa izibalo.

Imithombo ithi uHlophe wafakwa amasondo ngemuva kokuhluleka ukuheha ababukeli kulandela ukuhamba kukaMpumelelo Bhulose, owayedlala indawo kaMuzi "Gxabhashe" Xulu.

"Ababukeli abaningi bebengamthandi uZakhele futhi becikwa nayindlela ahleka ngayo nabiza ngayo amanye amagama," kusho umthombo.

OLUNYE UDABA: Uzalo luchitha amahlebezi okuphuma kukaGxabhashe

Omunye umthombo uthe ababukeli besifazane babezifela ngoGxabhashe, kodwa abazange bamthande nakancane uZakhele.

"Ngemuva kokuhamba kukaGxabhashe, abaphathi baletha uZakhele ngethemba lokuthi uzowuvusa lo mdlalo, kepha lokho akuzange kwenzeke yingakho agcina esekhonjwe afika ngayo."

Omunye umthombo uthe ngemuva kokuhamba kukaHlophe, izibalo zaqala phansi futhi zakhuphuka.

Okhulumela uZalo uKoketso Phala, uthe akusilona iqiniso lokhu, wathi uHlophe wahamba ngoba indawo abeyidlala isifinyelele emaphethelweni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.