Wayelala erenki ezobhalisa enyuvesi umfundi waseBloemfontein

2016-04-15 10:03

Bloemfontein – Umfundi owenza izifundo zezomthetho enyuvesi yaseFree State uthi kwamsiza ukulala erenki ngesikhathi ezobhalisa ekuqaleni kwalo nyaka.

UMolefi Mareka, 21, washiya ikhaya ngenhloso yokuzofunda kule nyuvesi, uthi wachisa cishe isonto lonke elala erenki .

“Inyuvesi yayisingithathile ngakhoke ngangazi ukuthi kumele ngize eBloemfontein ukuze ngithole isikhala futhi ngizokwazi nokuthola umfundaze. Ngangingenandaba noma ngilala emarenki ngoba ngangilangazelele imfundo futhi ngingenayo imali yokuqasha,”kusho yena.

OLUNYE UDABA:Uthole isibhaxu umfundi ovuse uthisha elele esikoleni

Uthi wahluleka ukubhalisela uxhaso lwe-NSFAS ngoba wayengenawo amaphepha afanelekile kanti ngesikhathi ewathola sasesidlulile isikhathi sokubhalisa. Ngenhlanhla wasizwa esinye sezakhamuzi zakuleli dolobha uMochini Mokhena ngendawo yokuhlala nangosizo lwezimali.

UMokhena wabhala kuFacebook ngokuthi lo mfana udinga usizo ukuze afunde, ngenhlanhla kwaphendula inkampani ethile yaseBloemfontein ngomfundaze omkhokhela yonke into.

“Ngesikhathi ngiqala ukumbona, ngabona ukuthi udinga usizo futhi ngangifuna ukukhuthaza nabanye abantu ukuthi noma ngabe isimo sakho sinjani usangathuthuka,” kusho uMokhena.

-News24

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.