Wayesaphila uSimba Mhere ngemuva kwengozi - Udokotela

2016-07-07 13:30

Johannesburg - UPreshalin Naidoo, indoda esolwa ngokubulala umethuli wohlelo lwakumabonakude iTop Billing, uSimba Mhere, wayehamba ngesivinini esiphezulu, lokhu kuzwakale eNkantolo yeMatshi yaseRandburg.

Udokotela uCandice Hansmeyer okunguye owahlola isidumbu sikaMhere nomngani wakhe uKady-Shay O'Bryan utshele inkantolo ukuthi laba bobabili balimala kakhulu.

OLUNYE UDABA: Isililo ngokudlula emhlabeni kobethula iTop Billing

Ugebhezu lukaMhere nomgogodla kwakuphukile. Ingalo yangasokudla nayo yayiphukile kanti futhi wahogela igazi okusho ukuthi, ngokusho kukadokotela uHansmeyer, lokhu kutshengisa ukuthi uMhere wayesaphila ngemuva kokulimala.

U-O'Bryan walimala ekhanda waphinde walimala nasesifubeni, ingqondo nezimbambo. Iphaphu lakhe belidabukile kancane.

"Ukubaphuthumisa esibhedlela ngesikhathi kwakungeke kubasize.

NgoLwesithathu ufakazi wombuso ufakaze wathi abazali baNaidoo bafika endaweni yesigameko bathatha ibhodlela lotshwala i-Vodka emotweni kaNaidoo.

UMhere no-O'Bryan bashona endaweni yesigameko kuWilliam Nicol Drive eFourways eGoli ngomhlaka-31 Januwari 2015, kubika iTimeslive.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.