"WayeyiNkosi kimi, konke ayekusho ngangikwenza ngaphandle kokungabaza"

2018-03-09 09:30

eNgcobo - "WayeyiNkosi kimi, konke ayethingikwenze ngangikwenza ngaphandle kokungabaza, ngangikholelwa kuyena."

Lawa ngamazwi kaSiphosomzi Tshefu, 23, ongomunye wabasolwa ecaleni lokubulawa kwamaphoyisa amahlanu kanye nesosha elilodwa eNgcobo, Eastern Cape emasontweni amabili adlule.

UTshefu ubethula ubufakazi ekhuluma ngoThandazile Mancoba omunye wabaholi bebandla iSeven Angels Ministry, naye othintekayo kuleli cala.

UTshefu ubefaka isicelo sebheyili eNkantolo kaMantshi eNgcobo ngoLwesine nabanye abasolwa abahlanu u-Andani Monco, Kwanele Ndlwana, Siphesihle Tatsi, Phumzile Mhlatywa noPhuthumile Mancoba.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa abasolwa abayisikhombisa eNgcobo

UTshefu, oyindodana yesosha ubethula ubufakazi mayelana nezikhali ezasetshenziswa ukuhlasela amaphoyisa ngomhlaka 21 Febhruwari.

Uthe wasebenzisa isibhamu esebiwa ephoyiseni kwesinye isigameko. Ngokusho kwakhe, wasilahla lesi sibhamu elandela imiyalelo kaThandazile.

"Akekho owayesinika imiyalelo ngaphandle kukaThandazile. Bengingenakho ukuzikhethela ngangilalela yena ngoba uyena iNkosi yami, ngangenza konke ayekhuso.

Ngesikhathi iMantshi uNozuko Mviko ebuza ukuthi wayezovuma na uma uThandazile ethi akathathe isibhamu azidubule, uphendule wathi yebo.

Uqhubeke wathi akanayo imali yokukhokhela ibheyili kanti umuntu obezoba namandla okumsiza emndenini wakwaMancoba wuThandazile kodwa manje useshonile.

Uthi wajoyina leli sonto ngo-2002 futhi uthe uzowavuma amacala abekwe yona.

Yena kanye nabanye abasolwa babhekene namacala amahlanu okubulala, amabili okugebenga ngenhloso yokubulala kanye nelokuzama ukubulala.

Omunye umsolwa onikele ngobufakazi ngoLwesine wuNdlwana, otshele inkantolo ukuthi udadewabo ugane uThandazile kanti ubaba wakhe uyiphoyisa elisebenzela e-East London.

Lo msolwa oneminyaka engu-22 ubudala uthe esinye sezizathu esimenze wafuna ibheyili wukuthi atshele udadewabo ukuthi kwenzakalani ngobusuku okwashona ngabo uThandazile.

Uthi ezitokisini ayikho indawo oeyimfihlo lapho abazokwazi ukuxoxa kahle khona nodadewabo.

UThandazile ubengomunye wezilamani eziyisikhombisa zakwaMancoba obehola ibandla iSeven Angels Ministry, eliseNgcobo.

UThandazile wabulawa ngesikhathi kunesigameko sokudubulana phakathi kwamaphoyisa nabasolwa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.