Wayezothola u-R60 000 umalume owabulala abashana abane

2018-03-23 14:04

eThekwini - Kuyaqhubeka ukuqulwa kwecala lowesilisa osolwa ngokubulala abashana bakhe abane ngoba efuna imali yomshwalense, kubika i-Eyethu News.

Lo mlisa ogama lakhe nguBen Mbhele, 32, uvele eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu lapho ewavume ngokwakhe amacala amane okubulala abashana bakhe.

Uthe ngaphambi kokuba kwenzeke konke lokhu, kwaba khona owesilisa owaqhamuka nesu lokuba kubulawe lezi zingane ukuze kuthathwe izindlebe zazo zihanjiswe enyangeni ezinze eThekwini.

Uthe ngoSepthemba 1 bacathamela lezi zingane ekhaya lazo unina engekho esendaweni yokucima ukoma.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe umalume owashadisa umshana nekhehla ngoba efuna imali

Umsolwa uthe wayehlose ukuba ahlomule kumshwalense ayewuthathe kwisikhondlakhondla senkampani yakwa-Avbob.

Uthe kulo mshwalense wayebheke ukuba ahlomule u-R15 000 ngomshana ngamunye.

Le nkantolo ibigcwele ihe phama amalungu omphakathi abede efuna ukuyozizwela kahle lolu daba lukaMbhele.

Okhulumela umndeni, uNkosinathi Mbhele, uthe yize bekwamukela ukuthi umsolwa uwavumile amacala, kusasele indaba enkulu yokuba aphumele obala ngokuthi wazihambisa kuphi izicubu zezingane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.