Wehlulekile ukudalula amagama osopolitiki abagxambukela kwezaseSABC

2017-01-20 13:00

Johannesburg – Lowo owayenguSihlalo weSouth African Broadcasting Corporation (SABC), u-Ellen Tshabalala, wehlulekile ukweseka izinsolo zakhe zokuthi kukhona abezepolitiki ababegxambukela ezindabeni ze-SABC.

Ngesikhathi ethula ubufakazi phambi kwekomidi lesikhashana ePhalamende, uTshabalala wakhala ngokugxambukela kwe-African National Congress, South African Communist Party neDemocratic Alliance ezindabeni ze-SABC.

Ngemuva kokwenqaba ukudalula amagama, wavuma ukuthi uzokwenza izethulo ezibhalwe phansi.

USihlalo wekomidi uVincent Smith uthi awekho amagama awadalulile uTshabalala.

OLUNYE DABA: Kuboshwe umakhwapheni ngokweba ingane yesoka

“Usithumelele incwadi engafungelwe futhi imininingwane ebidingeka kuyena ayikho.”

UTshabalala usezocelwa ukuba aphinde alethe isitatimende esifungelwe, ngoba wayefungile ngesikhathi ethula ubufakazi, ebeka nezinsolo.

UTshabalala wesula esikhundleni sakhe ngemuva kokuba iPhalamende lithole ukuthi waqamba amanga ngeziqu zakhe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.