WENA WAWUNGENZENJANI: Angisalethembi isoka lami

2017-05-30 18:00

Mhleli,

Nginenkinga la, bengingajabula uma ungase ungibekele lolu daba ezithebeni abafundi bakho bangicebise ngoba mina angisazi ngenzenjani.

Ngingowesifazane osethandane nomuntu wesilisa cishe iminyaka emithathu, konke kukuhle futhi sithandana.

Kuthe ngelinye ilanga athi kukhona into afuna ukungitshela yona, ngaba nokuthuka kodwa ngamlalela. Wabe esengitshela ukuthi unezingane ezintathu komama abehlukene.

Ngaphatheka kabi ngacabanga nokumshiya kepha inhliziyo yami yangibamba ngoba ngangimthanda. Saqhubeka sathanda, kodwa emqondweni wami nginale nto yokuthi lo muntu uyisikhohlakali.

Ungazifihla kanjani izingane isikhathi eside kangaka? Okusho ukuthi kuningi okunye okukhulu akufihlayo.

Yize sisathandana, kodwa inhliziyo yami iyabalisa ngaye ngoba kangisamethembi. Sengihlale ngibhekisisa yonke into ngoba ngisabela ukuthi angase aphinde angigile.

Ingqondo yami ithi angimshiye, kepha inhliziyo yami isamthanda.

Ngicela ningibonise ukuthi ngenzenjani isemeni esinjengalesi. Ngingazithokozela izimpendulo ezakhayo.

Ngiyabonga   

Uma unenkinga ongathanda ukuba ishicilelwe ukuze uthole izeluleko kwabanye abafundi ungayithumela ku-isizulu@news24.com noma uyishiye ku-inbox ekhasini lethu likaFacebook.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.