WENA WAWUNGENZENJANI: Bengisiza isoka ngephathi yengane, manje seliyangilaxaza

2017-08-28 18:00

Siza Mhleli

Ngithandana nowesilisa onengane nomunye umuntu wesifazane.

Ekuqaleni kwale nyanga, besibambisene sobabili nesithandwa sami sihlela iphathi yendodana yakhe.

Ngithenge ikhekhe, ngaqasha izinto zokudlala zezingane kanye nomuntu ozopheka.

Umcimbi usekupheleni kwenyanga, kanti konke engisiza ngakho sekukhokheliwe.

Mina nesoka lami sihlala ndawonye kanti selingitshela izolo ukuthi umama wengane uzobe ekhona kule phathi ngakho mina angidingeki kuyona.

Kukho konke esengikwenzile ngizama ukumlekelela, ngabe ngizobonakala njengomuntu omubi na uma ngikhansela konke engikuthengile (ikhekhe, ukudla kanye nezinto zokudlala)?

Uma ethi angidingeki, lokho kusho ukuthi nosizo lwami aludingeki angithi?

Ngicela izoluleko ezakhayo.

Uma unenkinga ongathanda ukuba ishicilelwe ukuze uthole izeluleko kwabanye abafundi ungayithumela ku-isizulu@news24.com noma uyishiye ku-inbox ekhasini lethu likaFacebook.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.