WENA WAWUNGENZENJANI: Kunzima ukuthandana nomuntu onesikhwele

2017-08-14 17:59

Durban - Mhleli ngicela ngosizo lwakho nabafundi bakho ningisize ngale nkinga.

Sesinonyaka sithandana nesoka lami kodwa, sengikhathele. Linesikhwele lesi esixakile futhi angisazi ukuthi ngenzenjani ukuze likholwe ukuthi ngiyalithanda.

Laqala lathi kumele ngishintshe izinombolo zocingo ngoba lingakhululekile ngabantu abangifonelayo lifuna ngiqale kabusha uma ngempela kungekho engikwenzayo.

Ngalitshela ngathi akulula ukuba ngishintshe inombolo ngoba okokuqala ziningi izinto engizibhalise ngale namba okubalwa ebhange, kuma-cv, futhi ngineminyaka ngiyisebenzisa. Lavele laqumba kwabonakala-nje ukuthi alikhululekile.

Kwathi kusenjalo laqala latshengisa izimpawu zolaka uma ngike ngangaluphendula ucingo, lisuke selivutha. Njalo ngiphilela ukuqinisekisa kuye ukuthi akukho okubi engikwenzayo noma engikuhlosile. Asikaze sizijabulise njengezithandani, ukuphuma siyongcebeleka, ukudlala sikhululeke, cha. Uma sindawonye kuba yinhlanhla kuphele impelasonto kungekho onyathele omunye amakhona.

Ngiyazi ukuthi wagileka kabi othandweni ayekulo ngaphambilini ephoxwa yingoduso yakhe, kodwa ngizizwa sengathi ngikhokhela amaphutha omunye umuntu njengoba engiphilisa sengathi ngisejele.

Manje uhlezi ekhuluma ngokuyovela ekhaya, eqinisweni angikholwa ukuthi ngizokwazi ukuhlala impilo yami yonke nomuntu onjena. Sekungicacele ukuthi yize enenhliziyo enhle futhi ucansi lumnandi kodwa isikhwele sakhe nokungangethembi akuwukhululi umoya wami.

Ngabe ngizobukeka njengomuntu omubi uma ngihlukana naye, yize esewutshelile umndeni wakubo ukuthi ufisa ukungithatha?

Ngicela usizo olwakhayo!

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter        
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.