WENA WAWUNGENZENJANI: Ngifile yinhlamba yenkosikazi yesoka lami

2017-08-03 19:30

Siza Mhleli

Mina nesoka lami sasingabangani ngaphambi kokuba sithandane futhi sathi sesiqala ukuthandana ngalibuza ukuthi linentombi na lathi cha, ukhona umama wengane kodwa abasathandani.

Sithandane izinyanga eziyisithupha ngase ngithola ukuthi ngikhulelwe, ngithe ngimtshela ukuthi ngikhulelwe wavele wanyamalala.

Wavala ucingo wanyamalala ngangamthola ndawo, ngathi sengiphenyisisa ngathola ukuthi unonkosikazi futhi baneminyaka cishe emihlanu beshadile. Ngahlangana nendodana yakhe ngayitshela ukuthi ngikhulelwe ingane kayise yathi nginamanga. Ngaqhubeka nophenyo lwami ngaze ngaxhumana nonkosikazi ngamubikela udaba lwami.

WASHIYA alikhohliwe engixhapha ngenhlamba esho nokuthi sengathi ngingafa mina nengane yami. Selokhu ngaxhumana nonkusikazi, labuya isoka lathi ngingaphinde ngixhumane nomndeni walo lizoyondla ingane kodwa ngingamtsheli umkakhe.

Kusukela lapho, unkosikazi useyangihlukumeza ku-Facebook engithumela imilayezo engithuka, futhi uzama nokuthola ukuthi sengayithola na ingane.

Ngabikela amaphoyisa ngalokhu kodwa athi ngeke akwazi ukunqanda umuntu ukuba asebenzisa inkundla yezokuxhumana.

Ngicela usizo, ngenzenjani ukuze lo nkosikazi ahlukane nami?

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.