WENA WAWUNGENZENJANI: Savumelana ngokusizana ngocansi kuphela kodwa....

2018-04-23 19:31

Mhleli nethimba lakho, ngicela ningilamulele kule nkinga engibhekene nayo.

Nginomakhwapheni osengixakile lapha futhi kangisazi ukuthi ngenzenjani ngaye.

Mina naye sasivumelene ngokuthi sizohlanganiswa wucansi kuphela ngenxa yokuthi unayo intombi ahlala nayo futhi sebeneminyaka bethandana kanti nami nginalo isoka.

Ngesikhathi sivumelana ngalokhu, kwakungenxa yokuthi mina ngibulawa yindlala othandweni engikulo nesoka lami.

Ngiyalithanda impela isoka lami futhi lingiphathisa okweqanda, kodwa ngibulawa yindlala ekamelweni.

Uma ngizama ukukhuluma nalo ngokunganeliseki kwami, livele livuke ngolaka.

Lihlezi libeka izaba zokuthi likhathele noma lenziwa wumsebenzi onzima eliwusebenzayo ukuthi lisheshe lichame.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Akekho ongazi ukuthi "ondukencane" bayayidedela imali

Ngihlezi ngizama ukukhuluma nalo ukuba sithole usizo ukuze sizojabula sobabili kodwa kalifune kuzwa lutho.

Ngaleyo ndlela, ngazitholela ikhwapha eceleni ukuthi lingisize kuphela kule nkinga yendlala engibhekene nayo.

Inkinga esenginayo-ke manje wukuthi leli khwapha selifuna ukugudluza isoka lami lithathe indawo yalo.

Leli khwapha lithi selinothando lwami futhi kalisayizwa nentombi endlini ngoba ubumnandi abufani.

Ngizamile ukulichazela leli khwapha ukuthi ngeke ngiliyeke isoka lami ngiliyekele lona, kodwa livele libhoke ngolaka.

Kulezi zinsuku selinomkhuba wokuzifikela qathatha ngingalibizanga.

Ngenzenjani uma kunjena?

Uma unenkinga ongathanda ukuba ishicilelwe ukuze uthole izeluleko kwabanye abafundi ungayithumela ku-isizulu@news24.com noma uyishiye ku-inbox ekhasini lethu likaFacebook.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.