Ladysmith - Owesilisa
obemele isikhundla sokuba ikhansela usesimweni esibucayi esibhedlela ngemuva
kokuhlaselwa oshayasibhamu.
UDavid Mazibuko obemele isikhundla kuwadi 15 uzamile
ukubaleka ngemuva kokushaywa izinhlamvu ezimbalwa kodwa baqhubeka nokudbula.
OLUNYE UDABA:Owe-EFF ukhala ngokusatshiswa yi-ANC
UMazibuko uvele wenza sengathi ushonile walala phansi
kugcwele igazi nokuyilapho bayeke khona ukudubula.
Ngokusho komakhelwane, kuzwakale kuqhuma izibhamu
ngokulandelana.
“ Bekungathi ifilimu futhi bekucacicile ukuthi bafuna
ukuqinisekisa ukuthi babayenza lento abayizele,” kusho umakhelwane etshela
abe-Ladysmith Gazette.