Wesabela impilo yakhe owasehotsela laKwaMashu

2018-03-11 09:57

Durban – Isakhamuzi sasehotsela KwaMashu sithi amaphoyisa eNational Intervention Unit adubula abulala abesilisa ababili ababengaziphethe izibhamu ngoLwesithathu.

Owesilisa wayesegunjini ngesikhathi amaphoyisa efika ezofuna abathintekayo ekubulaweni kwephoyisa elinguDumisani Mhlanzi KwaMaphumulo.

Manje sekunemibuzo mayelana nokuthi ababulawa ngabe babengabasolwa bonke yini.

Babebahlanu abantu ababesendlini ngaleso sikhathi, ababili kubona babevakashile kule ndlu.

Isakhamuzi sasehotsela sithi lowo ayehlala naye endlini, uVusi Mthembu, wadutshulelwa into engekho.

OLUNYE UDABA: Ukhonjwe afika ngayo eZambia uZodwa Wabantu

Uyavuma ukuthi owesilisa okuthiwa uSandile wayedubulana namaphoyisa, kodwa ukholelwa ukuthi amaphoyisa aqamba amanga ngalaba abanye ababili.

Lona owazibonela uthi usesabela impilo yakhe manje ngenxa yento ayibona.

"Ngiyesaba. Sengize ngayohlala kwenye indawo, kodwa ngeke ngiyidalule,’ esho.

Ngelanga lesigameko, oKlebe bathi alikho iphutha alenza.

I-Independent Police Investigative Directorate iqhuba uphenyo ngesigameko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.