Wesabela impilo yakhe owePirates

2017-02-16 12:32

Johannesburg - Uthuka izanya u-Augusto "Njenje" Palacios oyibamba lomqeqeshi we-Orlando Pirates ohleli lubhojozi kulesi sigqiki.

ILANGA lithole ukuthi uPalacios usefuna ukusuka ngokushesha kulesi sikhundla kwazise usabela impilo yakhe neyomndeni wakhe.

IPirates isematheni kulezi zinsuku njengoba yehlise isithunzi sayo, eseligi nesabaxhasi ngesikhathi abalandeli bayo behluleka wukuzibamba inenetshulwa yiMamelodi Sundowns ngo-6-0 kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo odlule eLoftus Stadium, ePretoria.

UPalacios akawuqedanga lo mdlalo njengoba evele wanquma ukuhlala ezindlini zokushintshela kusasele imizuzu eli-10 ukuba uphele.

Abasondelene naye bathi uzisizile ngokuvele ahambe njengoba abalandeli beBucs bebefuna igazi lakhe becikwa wukubhudluzwa kwale kilabhu.

Bagcine ngokubulala amakhamera akwaSuperSport, bahlephula izihlalo enkundleni namabhodi abaxhasi.

OLUNYE UDABA: Yonke imiphumela ye-PSL ngoLwesithathu

UPalacios ubuyelile emsebenzini kodwa kuthiwa usejahe ukuba kushaye uMsombuluko kumenyezelwe umqeqeshi omusha bese eqhela kwazise uthola izinsongo zokumsoconga.

"Ikhehla lizomelwa yinhliziyo. Uyabona nje nasejimini ukuthi akasekho kule nto ayenzayo. Ugcine ngokusitshela emehlweni ukuthi usejahe ukusuka kulesi sigqiki ngenxa yokusabela umndeni wakhe. Phela emuva kwalesi sigameko nabadlali bethu kabahambi ngokukhululeka ezinxanxatheleni zezitolo ngenxa yokusabela impilo yabo.

"Sinzima isimo esikusona sesiyodanjiswa wukuqashwa komqeqeshi sonke esingakazi ukuthi ngubani ngoba usihlalo (u-Irvin Khoza) usafihlile," kusho umthombo weLANGA ocele ukuba lingadalulwa igama lawo.

Leli phephandaba lishayela uPalacios ngalolu daba, ucele ukungaphawuli kwazise iBucs ibibhekene neBidvest Wits koweligi izolo ngoLwesithathu ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto. Uthe umatasa ulungiselela lo mdlalo ngeke akwazi ukukhuluma ngezinye izinto.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.