Wesulile uthishanhloko obonakala kwi-video 'enza ucansi nabafundi'

2018-01-26 19:33

Johannesburg - UMnyango wezeMfundo eGauteng usuqinisekisile ukuthi uthishanhloko waseReiger Park NR 2 High School, eBoksburg, wesulile emsebenzini kulandela ukuputshuka kwama-video nezithombe zakhe enza ucansi nabafundi ehhovisi lakhe.

UNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni, uPanyaza Lesufi, uthi imshiye enyanyile futhi ephoxekile indaba yalo thisha wathi uMnyango usezinhlelweni zokuhambela lesi sikole ukuze uqhube uphenyo.

Lo thishanhloko wagcina ukusebenza ngokusemthethweni ngomhlaka-15 Januwari.

OLUNYE UDABA: Uthisha ubanjwe oqotsheni enza ucansi nomfundi

Kula ma-video, lo thishanhloko ubonakala enza imikhuba yocansi namantombazane ehlukene ehhovisi lakhe.

Okhulumela uMnyango uSteve Mabona uthe lokhu kuziphatha akwamukelekile waphinde waqinisekisa ngokuthi izikhulu zizohambela lesi sikole ngoMsombuluko ukuze kwelulekwe izingane ngokomqondo.

“Labo okudingeka balulekwe ngokomqondo bazolithola lelo thuba."

Uthe yize lo thishanhloko engasasebenzi kulesi sikole, kepha umthetho uzoyidlala indima yawo.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.