Wethembise ngokugonyuluka otholakale nekhanda lomuntu

2017-08-05 12:53

Durban – Owesilisa otholakale nekhanda lomuntu edolobheni laseThekwini ngoLwesihlanu ekuseni uthe uzimisele ngokudalula imininingwane ngecala lakhe,  kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane utshele iNews24 ukuthi isidumbu besingakatholakali namanje.

Umsolwa utholakale nekhanda lomuntu lifakwe esikhwameni ekhoneni likaCross noShort Street edolobheni.

OLUNYE UDABA: Kufunwa izihlobo zoshone egijima emgwaqeni

"Akusekude kuboshwe abanye ngenxa yokuthi umsolwa wethembise ngokucacisa ngalolu daba. Okwamanje, uyena kuphela osaboshiwe, wathweswa icala lokubulala,” esho.

UZwane uthe ngeke akwazi ukwenaba ngemininingwane ngalolu daba okwamanje ngenxa yokuthi kusaphenywa, kodwa wathi kuyacaca ukuthi lona wesilisa ubengeyedwa.

Phambilini kuvele imibiko ethi umsolwa uboshwe nesangoma abezosidayisela ikhanda.

Okwamanje isangoma besingakaboshwa, kusho uZwane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.