Wethule ubufakazi owe-ANCYL osolwa ngokubulala ntombi

2016-08-08 19:45

Johannesburg – Owayeyisikhulu kwi-ANCYL obhekene necala lokushaya abulale intombi yakhe, uthi wayithola isishonile embhedeni.

Uthi akazange acabange ukuyibheka ngesikhathi ingavumi uma ekhuluma nayo, usho kanje ngesikhathi ethula ubufakazi ngoMsombuluko.

UPatrick Wisani utshele iNkantolo eNkulu ehleli eRandburg ukuthi yena wafika endlini ephuma engqungqutheleni ye-ANCYL eMidrand eseshayile u-05:00 ngoSepthemba  4 ngonyaka odlule.

Funda nalolu daba: I-ANC ihlela ukuba ngezinkani ngo-2019

Wayengusihlalo we-ANCYL edolobheni laseGoli ngaleso sikhathi.

Ofakazi ababili boMbuso bethule ubufakazi bokuthi uWisani wayesendaweni yesehlakalo ngabo-04:00 futhi yena noNosipho Mandleleni, 24, babanengxabano endlini ababehlala kuyona ndawonye eYeoville.  

Icala lihlehliselwe uLwesithathu.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.