Wokhele umuzi wakubo kantombi eyifica ilele neshende

2017-08-24 14:02

Durban – Kusuke isidumo ngoMsombuluko owesilisa, 30, wakwesaKwaMthethwa, eMpangeni, enyakatho-mpumalanga neKwaZulu-Natal, ebamba isinqandamathe sakhe sisocansini nelinye isoka wathukuthela wangqongqisa ngomlilo imizi emibili yakubo kwentombi kulele isalukazi sakhona esineminyaka engu-91 ubudala kwenye indlu.

ILANGA lithole ukuthi leli soka, esiligodlile igama lalo lize livele enkantolo, libambe uZandile Mthethwa, 27, nesoka elisha khona kwaMthethwa lathukuthela lathelwla ngamanzi maqede lahamba layofuna uphethiloli lashisa imizi.

Kuthiwa isoka lenza lokhu nje, yingoba lesatshiswe yileli elisha ngokuthi lizolidubula uma like lazama ukushaya uZandile.

Kuthiwa uNkk Qinisile Mthethwa, 91, obelele endlini yakhe ngesikhathi isoka lithungela ngomlilo umuzi, usinde ngeNkosi.

OLUNYE UDABA: Lihlehlisiwe elosolwa ngokuthengela ‘ishende’ lomyeni inkabi

Kumanje uNkk Mthethwa ufihle ikhanda ezihlotsheni zakhe ngenxa yokuthi kusele izindonga kwakhe.

Ngokuthola kwaleli phephandaba ngelinye ilungu lomndeni elicele ukuba siligodle igama lalo, isoka liphinde labuya okwesibili sekuntambama seliyoshisa omunye umuzi okuyiwona uNkk Mthethwa abesesele nawo, ezitshela ukuthi uzolala kuwona.

“Ngemuva kwale si sigameko, ugogo uqulekile waphuthunyiswa emtholampilo oseduze, okuyilapho ephaphame khona. Okusidina kakhulu kuyona yonke le nto, lo mzukulwane okushiswe umuzi ngenxa yakhe, akasebenzi uwumthwalo kagogo, uphila ngemali yempesheni kagogo njengoba esefake ugogo kwezinye izindleko zokuthi aqale phansi akhe umuzi,” kusho leli lunga lomndeni.

Thola udabal oluphelele ephephandabeni ILANGA.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.