Wokhelwe ngomlilo washona osolwa ngokweba imoto

2017-02-28 11:02

Rustenburg – Yokhelwe ngomlilo yashona indoda ebisolwa ngokuzama ukweba imoto eFreedom Park eduzane naseRustenburg, kusho amaphoyisa aseNorth West ngoMsombuluko.

ULieutenant Colonel Pelonomi Makau uthe iqulu labantu bahlasela amadoda amabili ngeSonto, ngemuva kwezinsolo zokuzama ukweba imoto kuPhase 1, eFreedom Park ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA: Ivideo: Isibhaxu kobanjwe entshontsha esitolo

Umnikazi wemoto namalungu omphakathi kusolwa ukuthi bambombothela la madoda womabili ngophethiloli ase ebashisa.

"Amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko athola ukuthi indoda eyodwa isihonile kwathi eyodwa yaphuthunyiswa esibhedlela, iyolashwa," usho njalo.

Umnikazi wemoto, oneminyaka engu-44 ubudala uboshwe esiteshini samaphoyisa asePhokeng ngesikhathi eyovula icala lokucekelwa phansi kwempahla ngeSonto ntambama.

Umnikazi wemoto kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseBafokeng, eTlhabane, ngoLwesibili ngecala lokubulala nokuzama ukubulala.

- African News Agency

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.