Yabaleka ekhaya ingane eyayiphuziswa umchamo wayo ngenkani

2016-11-08 11:30

Johannesburg - Intombazane eneminyaka engu-8 ubudala yaseMpumalanga yabaleka ekhaya yayohlala ehlathini ngemuva kokushaywa kanzima ngumama wayo ongayizali.

Yashaywa ngezibhakela iphindelelwa, induku yomshanelo, yaphinde yaphoqwa nokuthi iphuze umchamo wayo.

Isono sale ngane yemtombazane kwaba wukuxoxela umama kamngani wayo ngokuhlukunyezwa kwayo ngumama wayo ongayizali.

Le ngane yaseBlock C eduzane naseKomatipoort, eMpumalanga, yakhetha ukubaleka ekhaya izinyanga ezimbili.

Ihlale ehlathini izinsuku ezintathu ngaphambi kokuthola usizo kumuntu owayedlula ngendlela.

OLUNYE UDABA:Umama wenza ingane yakhe isigqila soncansi

URebecca Ndlovu, 38, uthe wabona le ngane eyayingcolile iisifile yindlala, wacabanga ukuthi igula ngekhanda.

"Ngayitshela ukuthi ngizoyithatha ngiyihambis ekhaya kodwa uvalo eyabanalo ngesikhathi ngisho njalo lwangenza ngabona ukuthi ithwele kanzima."

Le ntombazane yatshela uNdlovu ukuthi umama wayo ongayizali uyitshele ukuthi uyayizonda futhi ngeke ikuthole nokudla.

"Ngatshela umakamngani wami ngempilo yami wase eyokhuluma nomama wami. Umama kwamthukuthelisa kakhulu lokho wangishaya ngesibhakela nangenduku yomshanelo. Wase engiphoqa ukuthi ngiphuze umchamo wami," kusho yona le ngane ikhuluma neDaily Sun.

Le ngane kumanje igcinwe ekhaya lezingane.

U-anti wengane, 40, uthe le ngane yayishaywa ngebhande iphoqwa nokuthi idle indle yayo kusukela ebuncaneni bayo.

Yize kunjalo, umama wale ntombazane uthe konke okushiwo yile ngane akukho.

Ubaba wengane, 33, osebenza eGoli uthe, udaba uzolulungisa uma esefika ekhaya.


- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.