'Yeka umndeni wami, ubulale mina' - Obulawe phambi kwendodana

2016-07-12 07:23

Cape Town – Kudutshulwe kwabulawa umlisa oneminyaka engu-26 ubudala phambi kwendodana yakhe eneminyaka emibili kanye nentombi yakhe etekisini yaseKapa ngempelasonto.

Umlisa ubegibele itekisi kuMahogany Avenue, eBonteheuwel, nendodana yakhe kanye nentombi yakhe ngesikhathi umsolwa ongaziwa emdubula emini ngoMgqibelo.

Ozibonele utshele iBonteheuwel Gangwatch ku-Facebook ukuthi ubesehleli etekisini yena ngesikhathi kuqhuma isibhamu.

Funda nalolu daba: Uthweswe elokubulala ngokungenhloso umshayeli

"Ubatshele ukuthi: ‘Yekani umndeni wami nithathe mina, hhayi phambi kwabo futhi. Kuthe sekuqhuma isibhamu wabamba umndeni wakhe ezama ukuwuvikela.”

Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uLieutenant-Colonel Andre Traut utshele iNews24 ngoMsombuluko ukuthi imbangela yokudubula ibingakaziwa kodwa bayaphenya.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.