'Yekani ukwenza izingane, nenze imali', kutshelwa intsha

2017-09-15 14:00

Johannesburg -  UNdunankulu waseMpumalanga uDavid Mabuza unxuse abantu abasha kanye nabesimame kulesi sifundazwe ukuba bayeke ukwenza izingane kepha benze imali, kubika iSowetan Live.

UMabuza usho lokhu ngesikhathi eluleka abantu abasha ngkuthi abayisebenzise imali engu-R800 million enikelwe ngabakwa-Standard Bank ngoLwesine.

UMabuza ubethula inkulumo yakhe ngesikhathi kwethulwa isikhwama iMpumalanga Enterprise Development Fund ngesikhathi ecebisa abantu abasha ukuthi bayeke ukwenza izingane bafune amathuba okungena kwezamabhizinisi ukuze balwe nobubha.

OLUNYE UDABA:Nazi izindlela zokonga imali ngo-2015

Lo ndunankulu uthe lesi sikhwama sinemali engango-R300-million ehlose ukweseka amabhizinisi asafufusa kanye namabhizinisi okwakha, kanye no-R500-million obekelwe ezolimo.

"Kumele umuntu ngamunye akwazi ukuthatha isinyathelo sokuguqula impilo yakhe. Uma kusaphethe mina kulesi sifundazwe ngizobambisana nani futhi ngiphinde ngineseke.

“Sekuyisikhathi sokuthi intsha isukume izithintithe, iyeke ukwenza izingane, kodwa yenze iNingizimu Afrika kube yizwe elisebenzayo. Yekani ukubambelela emalini yesibonelelo sikahulumeni,” kusho yena.



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.