Yelulwe ngeminyaka emihlanu inkontileka kaTrevor Noah

2017-09-15 12:29

US - UTrevor Noah akakaqedi ngohlelo olumlethele udumo olukhulu iDaily Show njengoba sekuvele ukuthi izolulwa inkontileka yakhe.

AbeComedy Central ngoLwesine bamemezele ukuthi inkontileka yalo somahlaya izolulwa kuze kube wu-2022.

Ngale kokwethula kanye nokuphrojusa lolu hlelo, uNoah unikezwe nethuba lokuphrojusa futhi ethule uhlelo lokuvala unyaka nokunguhlelo olukhethekile.

“Ngithokoze kakhulu ngalokhu ngoba kusho ukuqhubeka kobudlelwane bami nabalandeli beDaily Show kanye nabeComedy Central. Ngithakase kakhulu ngale nkontileka entsha yeminaka emihlanu,” kusho yena.

OLUNYE UDABA:Ngikwazi kahle ukulala ngidle amathambo enja - Trevor Noah

UMengameli weComedy Central uKent Alterman uthe: “UTrevor usenza sibukeke sibukhali nsukuzonke, kanti yilokho esikubonga kakhulu ngaye.”

Lo somahlaya wakuleli usanda kuwina indondo yakhe yokuqala ye-Emmy ngokwenza umsebenzi onsomekayo kwi-Between the Scenes.

Ngomhlaka-28 kwephezulu uzobe ehlanganisa iminyaka emibili eshayela lolu hlelo kanti imibiko ithi lukhula nyangazonke njengoba ngo-Agasti kuvele ukuthi lwenze kahle kakhulu ngabalandeli, kubika iThe Citizen.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.