Yenza okuhlukile ungaluthwa yimititilizo kaDisemba

2017-12-16 11:30

eThekwini - Siphelile isikhathi sokuphindaphinda iphutha elilodwa njalo ngonyaka. Wonga imali unyaka wonke, kufike uDisemba uyibhubhudle, kuqale uJanuwari usumpunga yindlala.

Kulawa masonto ambalwa asele kuDisemba kunamaholidi abaluleke kakhulu kodwa, ungamuvi wukuluthwa yimititilizo yesikhashana.

Izindlela zokonga imali”

Uma ungumuntu owakashela emakhaya ngamaholidi, qinisekisa ukuthi uhamba usuyithengile igiloza yonke ephelele, wawukhokhela nogesi (ngisho ungasawufakanga, kodwa wuthenge uwushiye, kuzokusiza uma usubuya.)

Uma uzohamba uye emakhaya ungakaholi, Thenga ivawusha uma usuholile (zonke izitolo sezinawo amavawusha, Thenga noma eka-R500 ozoyisebenzisela ukuthenga ukudla uma usubuya).

OLUNYE UDABA:Kuzonandisa noMaskandi emcimbini kaKhisimusi

Shiya imali yokugibela noma ekaphethiloli, ungahambi nayo yonke imali (abanye abantu bayaye bazithumelele imali ngohlelo lweMoneyMarket bese bayayiyeka bengayikhiphi ukwenzala ukuthi bayikhiphe sekuqala unyaka).

Sebenzisa imali yebhonasi noma iholo likaDisemba ukukhokha esikoleni futhi ukhokhele nomalume ugcine iziliphu zenzele ukuthi ingane ingabi nenkinga uma isibuyela esikoleni.

Okusizayo kulezi zinsuku ukonga imali uma usemakhaya, wukuziphathela iziphuzo zakho. Kuyaziwa ukuthi abantu bayabuthanda utshwala, ngakhoke zenzele lula ngokuziphathela isitoko sakho.

Thenga amabhodlela owadingayo, ufake neziphuzo ku-coolerbox, ungcebeleke, ngisho noma ngabe awubuphuzi utshwala, phatha udilinki nojusi wezingane owanele. Ngele ndlela uzogwema ukwehla wenyuka ulokhu uyothenga.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.