Yijele kuphela indawo esifanele uMotsoeneng – Maimane

2016-12-12 18:03

Cape Town – Ukuphela kwendawo esifanele lowo owayeyi-COO yeSABC, uHlaudi Motsoeneng, yijele, kusho umholi weDA, uMmusi Maimane, ngemuva kokuthi leli qembu liphumelele enkantolo esicelweni sokuthi kumenyezelwe ukuqokwa kwaMotsoeneng njenge Group Executive of Corporate Affairs njengokungekho emthethweni.

OLUNYE UDABA: Libuyela enkantolo eliphakathi kwe-DA noHlaudi Motsoeneng

Ngijabule futhi ngikholwa ukuthi ubulungiswa benzekile namhlanje,” kusho uMaimane ngemuva kokuthi iNkantolo eNkulu eWestern Cape, inqume ukuthi uMotsoeneng angeke akwazi ukuphatha noma ngabe ikusiphi isikhundla eSABC ngaphandle uma sekuchithwe umbiko woMvikeli woMphakathi wangonyaka ka-2014 ngokuqokwa kwakhe, nokuthi kube khona uphenyo olusha oluzogeza igama lakhe.

“Ngicabanga ukuthi uHlaudi Motsoeneng akufanele asebenze eSABC.

“Ngiyasamukela isinqumo futhi ngiyajabula ukuthi kuzomele azikhokhele ngokwakhe izindleko (zecala). Kumele ayeke ukumosha imali yabakhokhi bentela ezinyathelweni zakhe zasenkantolo.

“Isinyathelo sakhe esilandelayo ukuya ejele,” kusho uMaimane.

Ngaphezu kwalokho inkantolo iphinde yabuyisela eceleni ikomiti elaliqondisa uMotsoeneng izigwegwe, nelakhipha phambili uMotsoeneng ezinsolweni ezazivele embikweni woMvikeli woMphakathi. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.