Yonke imidlalo yePSL ngoLwesibili nangoLwesithathu

2017-08-22 16:00

Cape Town – Namhlanje (ngoLwesibili) kusihlwa iyaqhubeka imidlalo yomqhudelwano we-Absa Premiership ngemuva kokuthi wonke amaqembu edlale imidlalo yokuvula ngempelasonto.

Mithathu imidlalo ezodlalwa ngoLwesibili kanti okuyiwona ozobe ubhekwe ngabantu abaningi yilowo ozobe uphakathi kweMamelodi Sundowns kanye nePolokwane City kanjalo nalowo ozobe uphakathi kwe-Baroka FC kanye ne-Orlando Pirates.

Abalandeli beSundowns nabePirates bahleka bodwa kulezi zinsuku ngemuva kokuvula ngewini emidlalweni yokuvula iligi ngempelasonto.

OLUNYE UDABA: Abadlali abathathu beSundowns bangase bangadlali kowePolokwane

Kusasa (ngoLwesithathu), amehlo amaningi azobe ebheke ngabomvu umdlalo ozobe uphakathi kweKaizer Chiefs kanye neSuperSport United.

Izinto aziwahambeli neze kahle kulezi zinsuku Amakhosi njengoba edlale ngokulingana emdlalweni wokuvula neBloemfontein Celtic, kanti ngaphambi kwalokho akhishwe kumqhudelwano weMTN8 yiyo kanye iSuperSport.

NGOLWESIBILI, AGASTI 22

Mamelodi Sundowns v Polokwane City - 19:30

Chippa United v AmaZulu FC - 19:30

Baroka FC v Orlando Pirates - 19:30

NGOLWESITHATHU, AGASTI 23

Cape Town City FC v Platinum Stars - 19:30

Kaizer Chiefs v SuperSport United - 19:30

Free State Stars v Wits - 19:30

Maritzburg United v Ajax Cape Town - 19:30

Golden Arrows v Bloemfontein Celtic - 19:30

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.