Yonke imidlalo yePSL ngoLwesibili noLwesithathu

2017-02-14 11:02

Cape Town – NgoLwesibili kusihlwa kulindeleke ukuba iqhubeke imidlalo yamaqembu agijima kuPremier Soccer League (PSL) njengoba uya ngokushuba umbango wesicoco seligi ye-Absa Premiership.

Ngakolunye uhlangothi abathandi bezemidlalo basababaza isigameko sangoMgqibelo ntambama nalapho kwasuka esinamandla ngesikhathi abalandeli bengena ngenkani enkundleni ngemuva kokungena kwegoli lesi-6 i-Orlando Pirates ibhaxatshulwa khona yiMamelodi Sundowns.

OLUNYE UDABA: U-6-0 esiwunikwe yiDowns awamukelekile - Mhlongo

Abadlali baphuma ngesamagundane enkundleni kanti ngesikhathi abalandeli bededela iqupha belwa bodwa, kanti abanye babebonakala beshayana nganoma yingani ababeyiphethe.

Kuze kwadingeka ukuba abanye abalandeli baphuthunyiswe esibhedlela.

Akwaziwa mbhantshi kujiya namuhla ukuthi abafana basePitoli kungenzeka yini bakuphinde lokho abagile ngakho amaBhakabhaka uma sebebhekene neChippa United ngo-19:30 kusihlwa.

Isiyonke imidlalo yamaphakathi nesonto imi kanje:

NGOLWESIBILI, FEBHUWARI 14

Chippa United v Mamelodi Sundowns - 19:30

NGOLWESITHATHU, FEBHUWARI 15

Free State Stars v SuperSport United - 19:30

Orlando Pirates v Wits - 19:30

Baroka FC v Platinum Stars - 19:30

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.