Cape Town – Iqhubekile imidlalo yePremier Soccer Leauge (PSL) kumqhudelwano we-Absa Premiership ngoLwesithathu, nalapho kube nemidlalo emine kulandela eminye emine edlalwe ngoLwesibili.
Omunye wemidlalo obubhekwe kakhulu yilowo obuphakathi kwe-Orlando Pirates kanye ne-Platinum Stars, noshiye abalandeli bezimnyama bedumele njengoba uphele zibambene ngeqanda nhlangothi zombili.
OLUNYE UDABA:Kukhishwe egunyaza ukuboshwa kwesihlabani seChiefs
Ngakolunye uhlangothi iMamelodi Sundowns nayo isikhombisile ukuthi izimisele ngokuthi ibalwe namaqembu abanga isicoco seligi njengoba ihlwithe amaphuzu agcwele ngesikhathi ishaya iBloemfontein Celtic ngo-1-0.
Kodwa-ke umdlalo obe nenqwaba yamagoli yilowo obuphakathi kweSuperSport United kanye neGolden Arrows njengoba leli qembu lasePitoli liwine ngo-5-2, nokwenze laqhwakela esicongweni se-Absa Premiership.
NGOLWESITHATHU, FEBHRUWARI 8
Bloemfontein Celtic 0-1 Mamelodi Sundowns
SuperSport United 5-2 Golden Arrows
Polokwane City 1-1 Maritzburg United
Platinum Stars 0-0 Orlando Pirates
NGOLWESIBILI, FEBHRUWARI 7
Wits 5-0 Ajax Cape Town
Cape Town City FC 3-0 Highlands Park
Kaizer Chiefs 3-1 Free State Stars
Chippa United 2-1 Baroka FC