Yonke imiphumela yemidlalo yePSL ngoLwesithathu

2017-08-24 09:31

Cape Town – NgoLwesithathu (izolo) kusihlwa bekunemidlalo emihlanu ye-Absa Premiership nalapho bekubhekwe khona ngabomvu umdlalo obuphakathi kweKaizer Chiefs kanye neSuperSport United.

Sekuwumlando ukuthi Amakhosi aphinde akhala ngaphansi futhi kwi-United, kungakapheli nenyanga ebhaxabulwe iwona aMatsatsantsa aze awakhipha emqhudelwaneni we-MTN8 eMoses Mabhida, eThekwini.

Kolokhu iChiefs ishaywe ngo-2-1 iSuperSport nobekuwumdlalo wokuqala wayo ekhaya. Emdlalweni wokuqala weligi yadlala ngokulingana neBloemfontein Celtic kanti kuyimanje ingunombolo 14 kwi-log ye-Absa Premiership. Lokhu sekuqala ukubama emphinjeni abanye babalandeli beChiefs.

OLUNYE UDABA: IPirates iqinisekise ukuhamba komgadli owayengaconsi phansi

Ngakolunye uhlangothi, iqembu laKwaZulu-Natali, iMaritzburg United, liyaqhubeka nokwenza kahle njengoba lishaye i-Ajax Cape Town ngamagoli amabili eqandeni.

ICape Town City FC, esiqeqeshwa yilowo owayengumgadli weBafana Bafana uBenni McCarthy, ayigayelwa mphako njengoba iwine umdlalo wayo wesibili ngokubhaxabula iPlatinum Stars ngo-3-1.

ULWESIBILI, AGASTI 22

Mamelodi Sundowns 1-2 Polokwane City  

Chippa United 2-0 AmaZulu FC  

Baroka FC 1-1 Orlando Pirates  

ULWESITHATHU, AGASTI 23

Cape Town City FC 3-1 Platinum Stars  

Kaizer Chiefs 1-2 SuperSport United  

Free State Stars 2-2 Wits  

Maritzburg United 2-0 Ajax Cape Town  

Golden Arrows 1-1 Bloemfontein Celtic 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.